Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
Johane 10:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke – impisi izibhozomele, izihlakaze – IsiZulu 2020 Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze, Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze. |
Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
Umlindisango uyamvulela; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe, ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle.
Ngokuba ngiyazi lokhu ukuthi emva kokumuka kwami kuyakungena phakathi kwenu izimpisi ezihahayo, zingawuhawukeli umhlambi.
Ongadakwanga iwayini, ongesiye oshayayo, ongahaheli inzuzo embi; kodwa ibekezele, ingabi yingxabano, ingabi ngabahahayo;
Ngokunjalo namadiyakoni amelwe ukuba nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanakwa kakhulu, angahaheli inzuzo embi;
Ngokuba uDema ungishiyile, ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreske eGalathiya, uThithu eDalmatiya.
Ngokuba umbonisi umelwe ukuba ngongasolekiyo, njengomphathi kaNkulunkulu; ongesiye othanda ubugovu, ongasheshi ukuthukuthela, ongadakwa, ongashayi, ongesiye inzuzo embi;
Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, niwubheke, kungabi ngokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela; kungabi ngenzuzo eyichilo, kodwa ngenhliziyo evumayo;
Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.