Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Johane 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. IsiZulu 2020 Kwafika umuntu owayethunywe nguNkulunkulu, igama lakhe nguJohane. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. |
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Ngoba lo nguye okulotshwe ngaye ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho.
Ubhapathizo lukaJohane lwavelaphi na? ezulwini noma kubantu na? Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi kithi: Pho, anikholwanga nguye ngani na?
Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.
Nawe, mntwana, uyakuthiwa umprofethi woPhezukonke, ngokuba wena uyakuhamba phambi kobuso beNkosi ukulungisa izindlela zayo;
Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi, nguyena wathi kimi: “Lowo ozakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.
Nani ngokwenu niyangifakazela ukuthi ngathi: Angisuye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.
Kwathi engakafiki uJohane etshumayele kuqala kubo bonke abantu bakoIsrayeli umbhabhathizo wokuphenduka.