Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola.
Johane 1:39 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: Wozani nibone. Beza babona lapho ehlala khona, bahlala naye lolo suku, ngokuba kwakungaba yihora leshumi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kubo: “Wozani nibone.” Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi. IsiZulu 2020 Wabaphendula wathi: “Wozani nibone.” Ngakho-ke bahamba, babona lapho ehlala khona, bahlala naye ngalolo lusuku; cishe kwase kuyihora leshumi. Baasraak Zulu New Testament Bible Wathi kubo: Wozani nibone. Beza babona lapho ehlala khona, bahlala naye lolo suku, ngokuba kwakungaba yihora leshumi. |
Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola.
Kepha bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena ukuba ahlale nabo.
UJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: Nifunani na? Basebesithi kuye: Rabi, (okutsho ukuthi, Mfundisi,) uhlala ngaphi?
Omunye wababili abezwa uJohane ekhuluma bamlandela wayengu-Andreya umfowabo kaSimoni Petru.
UNathanayeli wasesithi kuye: Kambe kukhona into enhle evela eNazaretha? UFiliphu wathi kuye: Woza ubone.
Kwathi esefikile kuye amaSamariya amncenga ukuthi ahlale lawo; wasehlala khona insuku ezimbili.
Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.
Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.