ukuthi kangiyikuthatha kusukela entanjeni ngiye entanjeni yesicathulo, njalo kangiyikuthatha okungokwakho, ongatshongo ukuthi: Mina ngamcebisa uAbrama.
Johane 1:27 - Contemporary Zulu Bible 2024 nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yena ozayo emva kwami, omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula.” IsiZulu 2020 Lo ozayo emuva kwami, angifanele ngisho nokuthukulula umchilo wezicathulo zakhe.” Baasraak Zulu New Testament Bible nguye oza emva kwami, omi phambi kwami, engingafanele ukuthukulula umchilo wesicathulo sakhe. |
ukuthi kangiyikuthatha kusukela entanjeni ngiye entanjeni yesicathulo, njalo kangiyikuthatha okungokwakho, ongatshongo ukuthi: Mina ngamcebisa uAbrama.
Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukukhothama ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.
UJohane waphendula, wathi kubo bonke: Mina nginibhapathiza ngamanzi; kodwa uyeza onamandla kunami, engingafanele ukuwuthukulula umchilo wezicathulo zakhe;
UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami mkhulu kunami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
Nguye ebengisho ngaye ukuthi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.
Abaningi beza kuye, bathi: “UJohane akenzanga sibonakaliso, kepha konke uJohane akushoyo ngalo muntu kwakuyiqiniso.
Kwathi uJohane eseqedile ukuhamba kwakhe, wathi: Nithi ngingubani na? Angiyena. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe ezinyaweni zakhe.
UPawuli wasesithi: UJohane wabhabhathiza umbhabhathizo wokuphenduka, esithi ebantwini ukuthi bakholwe kuye ozayo emva kwakhe, onguKristu Jesu.