Umprofethi u-Isaya wakhuleka kuJehova, wasibuyisela isithunzi izinyathelo eziyishumi esawela ngazo encwadini ka-Ahazi.
IzEnzo 9:40 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha uPetru wabakhiphela phandle bonke, waguqa, wakhuleka; waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka. Yasivula amehlo ayo, yathi ibona uPetro yavuka yavuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama. IsiZulu 2020 Kepha uPhethro esebakhiphele ngaphandle bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, wayesephendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wavula amehlo akhe, wabona uPhethro, wayesehlala. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha uPetru wabakhiphela phandle bonke, waguqa, wakhuleka; waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka. Yasivula amehlo ayo, yathi ibona uPetro yavuka yavuka. |
Umprofethi u-Isaya wakhuleka kuJehova, wasibuyisela isithunzi izinyathelo eziyishumi esawela ngazo encwadini ka-Ahazi.
Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho, ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; futhi uYihlo obona ekusithekeni uzokubuyisela obala.
Kodwa kwathi ixuku selikhitshiwe, wangena, wayibamba ngesandla, yasivuka intombazana.
UJesu ebona ukuthi isixuku sigijima kanyekanye, wawukhuza umoya ongcolileyo, wathi kuwo: “Wena moya oyisimungulu nesithulu, ngiyakuyala: phuma kuye, ungabe usangena kuye.
Yena wahlehla kubo okungaba yibanga lokuphonswa kwetshe, waguqa ngamadolo, wakhuleka.
Wayesebakhiphela phandle bonke, wayibamba ngesandla, wabiza, wathi: “Ntombazana, vuka!
Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ogwini, sakhuleka.
Kwasekusithi uyise kaPhubhiliyu wayelele ebanjwe ngumkhuhlane lomkhuhlane wegazi, uPawuli wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamsilisa.
Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.