Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 9:35 - Contemporary Zulu Bible 2024

Bonke abakhileyo eLida naseSaroni bambona, baphendukela eNkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Bonke labo abakhe eLida naseSarona bambona, baphendukela eNkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Bonke abakhileyo eLida naseSaroni bambona, baphendukela eNkosini.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 9:35
32 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Owayephethe izinkomo ezaziklaba eSharoni kwakunguSitrayi umSaroni; owayephethe izinkomo ezisezigodini kwakunguShafati indodana ka-Adilayi.


Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemadlelweni alo nasemadlelweni onke aseSharoni emideni yabo.


Amadodana ka-Eliphahali: uHebhere, noMisam, noSkamedi, abakha i-Ono neLodi nezinsika zayo;


abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu.


ILodi ne-Ono, isigodi sezingcweti.


abantwana baseLodi, naseHadidi, nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanye.


Abantu bakho bayakuvuma ngosuku lwamandla akho, ebuhleni bobungcwele kwasesizalweni; unamazolo obusha bakho.


Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.


Phendukelani kuye abamhlubuka kakhulu abantwana bakoIsrayeli.


Umhlaba uyalila, udangele, iLebanoni limi ihlazo, ligawuliwe; iSharoni injengehlane; iBashani neKarmeli kuvuthulula izithelo zawo.


Liyakukhahlela kahle, lithokoze, yebo, ngokuthokoza nokwethaba; bayobona inkazimulo kaJehova nenkazimulo kaNkulunkulu wethu.


Futhi iSharoni iyoba yizibaya nesigodi sase-Agori sibe yindawo yezinkomo yabantu bami abangifunile.


Ngubani oke wezwa into enje? Ubani owabona izinto ezinjalo? Ingabe ngolunye usuku umhlaba uyoveza? kumbe isizwe sizazalwa masinyane? ngoba lapho nje iSiyoni selizala, lizala abantwana balo.


Masiphenye, sihlole izindlela zethu, sibuyele kuJehova.


Ngakho uphendukele kuNkulunkulu wakho; londoloza umusa nokwahlulela, uthembele kuNkulunkulu wakho njalo.


Thathani amazwi, niphenduke kuJehova; nithi kuye: Susa konke okubi, usamukele ngomusa, ukuze sibuyisele amathole ezindebe zethu.


Niklebhule inhliziyo yenu, hhayi izingubo zenu, niphendukele kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa, unesihe, uyabekezela, unomusa omkhulu, uyaphenduka ebubini.


Isandla seNkosi sasinabo, kwakholwa isixuku esikhulu saphendukela eNkosini.


Ngakho-ke mina ngithi singabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu;


Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.


Kanjalo izwi likaNkulunkulu landa ngamandla, lanqoba.


Bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda wawungathi izinkulungwane ezinhlanu.


Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.


UPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; Wasesukuma masinyane.


Kwase kwaziwa kuyo yonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.


Kodwa nxa iphendukela eNkosini, isihenqo sizasuswa.


Lapho usekuhluphekeni, zonke lezi zinto zikwehlela, ekupheleni kwezinsuku, uma uphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe;