Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.
IzEnzo 9:33 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wafumana khona umuntu othiwa ngu-Eneya, owayeselele iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. IsiZulu 2020 Wafumana lapho umuntu othile ogama lakhe kungu-Eneya, owayeselale ecansini iminyaka eyisishiyagalombili, efe uhlangothi. Baasraak Zulu New Testament Bible Wafumana khona umuntu othiwa ngu-Eneya, owayeselele iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. |
Udumo lwakhe lwaphumela kulo lonke elaseSiriya, baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlupheko, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi; wasebasilisa.
Wabuza kuyise wathi: “Sekulesikhathi esinganani enze lokhu kuye? Wathi: Kusukela ebuntwaneni.
Nalo wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, uSathane ambophile, bheka, le minyaka eyishumi nesishiyagalombili bekungafanele yini akhululwe kulesi sibophelelo ngosuku lwesabatha na?
Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili.
Kodwa ukuthi usebona njani khathesi asazi; nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; mbuze: uzakuzikhulumela yena.
Kwakuhlezi indoda ethile eListra, ibuthakathaka ezinyaweni zayo, iyisigoga kwasesizalweni sikanina, engazange ihambe.
Kwakuthwala indoda ethile eyayilunyonga kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasesangweni lethempeli elithiwa Elihle, ukuba icele izipho kwabangena ethempelini;
Ngokuba lowo muntu esenziwe kuye lesi sibonakaliso sokuphulukisa wayeneminyaka engaphezu kwamashumi amane.