Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
IzEnzo 8:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho abahlakazekileyo bahamba betshumayela ilizwi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. IsiZulu 2020 Abahlakazekileyo bahamba beshumayela izwi levangeli. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho abahlakazekileyo bahamba betshumayela ilizwi. |
Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi;
Labo abahlakazekile ngokushushiswa okwavela ngoStefanu badabula baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalishumayeli izwi kubaJuda kuphela.
OPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya befundisa, beshumayela izwi leNkosi, kanye nabanye abaningi.
Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.
Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.
Kodwa lanxa sasihluphekile ngaphambili saphathwa kubi, njengoba lisazi eFiliphi, saba lesibindi kuNkulunkulu wethu sokukhuluma kini ivangeli likaNkulunkulu ngokuphikisana okukhulu.