IzEnzo 8:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 UMoya wayesethi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kule nqola; IBHAYIBHELI ELINGCWELE UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.” IsiZulu 2020 UMoya wathi kuFiliphu. “Sondela, uhambisane nale nqola.” Baasraak Zulu New Testament Bible UMoya wayesethi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kule nqola; |
Khona sizokwazi uma sifuna ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe sekulungile njengokusa; futhi uyofika kithi njengemvula, njengemvula yamuva neyokuqala emhlabeni.
UPetru esacabanga ngombono, uMoya wathi kuye: “Bheka, amadoda amathathu ayakufuna.
UMoya wayesethi kimi ngihambe nawo, ngingangabazi ngalutho. Bahamba nami nalaba bazalwane abayisithupha, sangena endlini yalowo muntu;
Kwathi esefikile kithi, wathatha ibhande likaPawuli, wazibopha izandla lenyawo, wathi: Utsho njalo uMoya oNgcwele, ngokunjalo abaJuda eJerusalema bazabopha indoda ephethe lelibhanti, njalo bazamnikela ejele izandla zabezizwe.
Kwathi bengavumelananga phakathi kwabo, basuka uPawuli esekhulume ilizwi linye lokuthi: Ukhulume kuhle uMoya oNgcwele ngoIsaya umprofethi kokhokho bethu.
Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehla eGaza, eyihlane.
UFiliphu wagijima waya kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda yini okufundayo na?
Sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.
Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.
Kepha uMoya usho ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni;