USimoni esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya oNgcwele, waletha kubo imali.
Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo,
Kepha uSimoni, esebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli abantu bemukela uMoya, waletha imali kubo,
UHazayeli wayesehamba ukumhlangabeza, waphatha kuye isipho sakho kuzo zonke izinto ezinhle zaseDamaseku, umthwalo wamakamela angamashumi amane, weza, wema phambi kwakhe, wathi: “Indodana yakho uBenihadadi, inkosi yase-Aramu, ingilethile kuwe. Wathuma ukuthi, Ngiyakusinda yini kulesi sifo na?
Niyakungingcolisa yini phakathi kwabantu bami ngenxa yezandla ezigcwele zebhali nangezingcezu zesinkwa, ukuze nibulale imiphefumulo ebingayikufa, nisindise imiphefumulo ebingafuni ukuphila, ngokuqambela amanga kubantu bami abezwa amanga enu, na?
Phulisani abagulayo, nihlambulule abanochoko, nivuse abafileyo, nikhiphe amademoni;
Basebebeka izandla phezu kwabo, basebemamukela uMoya oNgcwele.
Ethi: “Nami ngiphe lawomandla, ukuze kuthi noma ubani engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.
Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu;