Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla.
IzEnzo 7:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. IsiZulu 2020 Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40. Baasraak Zulu New Testament Bible Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane. |
Wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba nazi ukuthi babezidla kubo. Wazitholela kanjalo igama, njengoba kunjalo nanamuhla.
Kwasekuyiminyaka engamatshumi amane ngidabukile ngalesisizukulwana, ngathi: Laba ngabantu abadukileyo enhliziyweni zabo, njalo abazazi izindlela zami.
Ningayenzi lukhuni inhliziyo yenu njengasekulingweni nanjengasosukwini lokulingwa ehlane.
Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane lamatshumi amathathu, ngalona lolosuku, wonke amabutho eNkosi aphuma elizweni leGibhithe.
UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wabangela ukuba ulwandle luhlehle ubusuku bonke ngomoya wasempumalanga onamandla, womisa ulwandle, amanzi ahlukana.
Abantwana bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engamashumi amane, baze bafika ezweni elakhiweyo; badla imana baze bafika emikhawulweni yezwe laseKhanani.
Ngiyakwelula isandla sami, ngilehlule iGibithe ngezimangaliso zami zonke engiyozenza kulo; emva kwalokho uyakunivumela ukuba nihambe.
INkosi yasisithi kuMozisi: Hamba usuke lapho, wena labantu owabakhupha elizweni leGibhithe, uye elizweni engalifungela uAbrahama, uIsaka loJakobe, ngathi: Kuwe. Inzalo ngiyakuyinika;
Khona uJesu wathi kuye: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa;
UNkulunkulu wayesephenduka, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu; njengokulotshiweyo egwalweni lwabaprofethi ukuthi: Lina ndlu kaIsrayeli, lanikela kimi yini iminikelo lemihlatshelo okweminyaka engamatshumi amane enkangala?
Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engamashumi amane.
Ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni ngosuku lokulingwa ehlane;
Lapho oyihlo bangilingayo, bangivivinya, babona imisebenzi yami iminyaka engamatshumi amane.
Hhayi njengesivumelwano engasenza nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe; ngokuba bengahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanaka,” usho uJehova.