Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.
IzEnzo 5:41 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona basuka phambi komphakathi bethokoza, ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelo gama; IsiZulu 2020 Ngakho-ke basuka phambi komkhandlu bethokoza, ngokuba betholakale bekufanele ukuthelwa ngehlazo ngenxa yalelo gama. Baasraak Zulu New Testament Bible Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe. |
Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.
Ngizakwethaba kakhulu kuJehova, umphefumulo wami uzakwethaba ngoNkulunkulu wami; ngoba ungigqokise izembatho zensindiso, wangembesa ngesambatho sokulunga, njengomyeni ehloba ngezivunulo, lanjengomakoti ezihloba ngobucwebe bakhe.
Bhekani, izinceku zami ziyakuhlabelela ngokuthokoza kwenhliziyo, kepha nina niyokhala ngokudabuka kwenhliziyo, nikhale ngokudabuka komoya.
Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe! Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bathi: “Makadunyiswe uJehova, kepha uyakubonakala ngokujabula kwenu, bajabhe.
Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.
Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
UPawuli wasephendula wathi: Litshoni ukukhala lichoboza inhliziyo yami? ngoba mina angilungele ukubotshwa kuphela, kodwa lokufa eJerusalema ngenxa yebizo leNkosi uJesu.
Sebezwile bangena ethempelini ekuseni kakhulu, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umkhandlu nawo onke amadoda amakhulu abantwana bakwa-Israyeli, bathumela etilongweni ukuba balethwe.
Akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko, sazi ukuthi usizi luveza ukubekezela;
Ngakho ngiyathokoza ebuthakathakeni, nasekuthukweni, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezelekeni ngenxa kaKristu, ngokuba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.
Ngokuba niphiwe nina ngenxa kaKristu, kungesikho ukukholwa kuye kuphela, kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe;
Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo.
sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.