IzEnzo 5:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona yahamba induna nezikhonzi, zabaletha kungengamandla, ngokuba besesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Khona yaphuma induna kanye nezikhonzi, zabaletha, kungengampoqo, ngokuba bebesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. IsiZulu 2020 Yaphuma-ke induna kanye nezikhonzi, zabaletha, hhayi ngempoqo, ngokuba babesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona yahamba induna nezikhonzi, zabaletha kungengamandla, ngokuba besesaba abantu, funa bakhandwe ngamatshe. |
Kodwa uba sisithi: Kubantu; siyabesaba abantu; ngoba bonke bathi uJohane ungumprofethi.
Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu, wangena, wahlala nezinceku ukuba abone isiphetho.
Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukumbamba ngaso leso sikhathi; besaba abantu, ngokuba baqonda ukuthi uwukhulume lo mfanekiso ngabo.
Kepha uma sithi: Kubantu; abantu bonke bazosikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.
Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuthi bangambulala kanjani; ngoba babesaba abantu.
Wasuka wahamba, wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna, ukuthi angamkhaphela kanjani kubo.
Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.
Kwabanye kakho owaba lesibindi sokuzihlanganisa labo, kodwa abantu babebakhulisa.
Kwathi umpristi omkhulu, nenduna yethempeli, nabapristi abakhulu bezwile lokho, bamangala ngabo ukuthi lokhu kuzokwenzakalani.
Kwase kufika omunye wababikela, wathi: “Bhekani, amadoda ebeniwafakile etilongweni emi ethempelini, efundisa abantu.