Ukubopha izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe; futhi afundise abaphathi bakhe ukuhlakanipha.
IzEnzo 5:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebezwile bangena ethempelini ekuseni kakhulu, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umkhandlu nawo onke amadoda amakhulu abantwana bakwa-Israyeli, bathumela etilongweni ukuba balethwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi sebezwile, bangena ethempelini ekuthatheni kokusa, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umphakathi nezigele zonke zabantwana bakwa-Israyeli, bathumela endlini yeziboshwa ukuba balethwe. IsiZulu 2020 Sebezwile, bangena ethempelini entathakusa, bafundisa. Kepha kwafika umphristi omkhulu nayehamba nabo, babizela ndawonye umkhandlu namalunga wonke abantu bakwa-Israyeli, base bethumela ejele ukuba balethwe kubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Sebezwile bangena ethempelini ekuseni kakhulu, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umkhandlu nawo onke amadoda amakhulu abantwana bakwa-Israyeli, bathumela etilongweni ukuba balethwe. |
Ukubopha izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe; futhi afundise abaphathi bakhe ukuhlakanipha.
Kodwa mina ngithi kini: Loba ngubani othukuthelela umfowabo kungelasizatho uzakuba lecala lokwahlulelwa, njalo loba ngubani othi kumfowabo: Raca, uzakuba lecala lomphakathi; uzakuba sengozini yesihogo somlilo.
Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga esizwe nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, bathi:
UPilatu waphendula wathi: Mina ngingumJuda yini? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikele kimi; wenzeni na?
Kwathi kusesekuseni wabuye weza ethempelini, abantu bonke beza kuye; wahlala phansi wabafundisa.
Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.
Kwasekusukuma umpristi omkhulu labo bonke ababelaye, abangabehlelo labaSadusi, bagcwala ukuthukuthela;
Kwasekusukuma omunye emphakathini, umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, umfundisi womthetho otusekayo kubantu bonke, wayala ukuba abaphostoli bakhishwe isikhashana;
Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.