UMose wayesefika, wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezimiso zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumile siyakuwenza.”
IzEnzo 5:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuphila. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuPhila.” IsiZulu 2020 “Hambani, niye ethempelini, nikhulume kubantu bonke amazwi alokhu kuPhila.” Baasraak Zulu New Testament Bible Hambani, nime nikhulume ethempelini kubantu amazwi onke alokhu kuphila. |
UMose wayesefika, wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezimiso zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumile siyakuwenza.”
Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.
Usho kanje uJehova; Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda eza ukukhuleka endlini kaJehova wonke amazwi engikuyala ukuba uwakhulume kubo; ayinciphisi igama:
Wayesemfundela uBaruki encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni likaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni elingaphezulu, ekungeneni kwesango elisha lendlu yethempeli. Jehova, phambi kwezindlebe zabo bonke abantu.
Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze khona leli zwi, uthi: ‘Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda abangena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.
Ngakho wena, ndodana yomuntu, ngakubeka umlindi wendlu ka-Israyeli; ngakho-ke kumelwe uzwe izwi eliphuma emlonyeni wami futhi ubaxwayise ngokusuka kimi.
Enginitshela khona ebumnyameni, kukhulumeni ekukhanyeni, nalokho enikuzwa endlebeni, kushumayeleni phezu kwezindlu.
Esangena ethempelini, abapristi abakhulu namalunga esizwe beza kuye esafundisa, bathi: “Lokhu uzenza ngagunya lini na? njalo ngubani okunike leligunya?
Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.
Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.
UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulume obala emhlabeni; Bengihlala ngifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho abaJuda bebuthana khona njalo; futhi ngasese angikhulumanga lutho.
Ngumoya ophilisayo; inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhuluma kini angumoya, angukuphila.
USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.