IzEnzo 4:23 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebekhululiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga ababekushilo kubo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo. IsiZulu 2020 Kuthe sebededelwe, baya kwabakubo; bababikela konke abaphristi abakhulu namalunga abakushilo kubo. Baasraak Zulu New Testament Bible Sebekhululiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga ababekushilo kubo. |
Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili.
Base bephuma etilongweni, bangena endlini kaLidiya; sebebonile abazalwane, babaduduza, bamuka.
Ngokuba lowo muntu esenziwe kuye lesi sibonakaliso sokuphulukisa wayeneminyaka engaphezu kwamashumi amane.
Kwathi sebezwile baphakamisa ilizwi labo kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: Nkosi, wena unguNkulunkulu owenzile izulu lomhlaba, lolwandle, lakho konke okukukho;