IzEnzo 4:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” IsiZulu 2020 ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo. |
Kodwa uJehova wathi kimi: Ungatsho ukuthi: Ngingumntwana, ngoba kumele uye kukho konke engikuthuma khona, lakho konke engikuyala ngakho, uzakukhuluma.
Ngase ngithi: “Angisayikumkhuluma, angisayikukhuluma egameni lakhe.” Kepha izwi lakhe lalinjengomlilo ovuthayo ovalelwe emathanjeni ami enhliziyweni yami;
Amathumbu ami, amathumbu ami! Ngibuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ixokozela phakathi kwami; Angikwazi ukuthula, ngokuba uzwile, mphefumulo wami, ukukhala kwecilongo, ukukhala kwempi.
Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;
Hamba uye kubathunjwa, kubantwana babantu bakini, ukhulume kubo, uthi kubo: Itsho njalo iNkosi uJehova; noma bezwa, noma bayeke.
Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?
Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.
UBileyamu wayesethi kuBalaki: “Bheka, ngize kuwe; nginamandla okukhuluma manje? izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakulikhuluma.
Bheka, ngamukele umyalo wokuba ngibusise, futhi wabusisa; futhi angikwazi ukukuhlehlisa.
njengalokho basinikela bona, ababengofakazi bokuzibonela kwasekuqaleni nezikhonzi zezwi;
kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe.
Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.
Kwathi sebefikile oSila loThimothewu bevela eMakedoniya, uPawulu wacindezeleka emoyeni, wafakaza kubaJuda ukuthi uJesu unguKristu.
Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
Thina singabafakazi bakhe balezizinto; kanjalo noMoya oNgcwele, uNkulunkulu amnike abamlalelayo.