Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala.
IzEnzo 3:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha naphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe umbulali; IBHAYIBHELI ELINGCWELE kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali, IsiZulu 2020 Kodwa nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba nikhululelwe umbulali, Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha naphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe umbulali; |
Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala.
Jabula kakhulu, ndodakazi yaseZiyoni! khala, ndodakazi yaseJerusalema! Bheka, iNkosi yakho iza kuwe; Ulungile futhi unensindiso; ithobekile, igibele imbongolo, ithole lethole.
Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.
Esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu.
Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba kungcono abakhululele uBaraba.
Kwakukhona umuntu othiwa nguBarabasi, ebotshiwe kanye lababevukele umbuso laye, ababebulele ekuvukeleni umbuso.
Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele;
Wayesebakhululela owayefakwe etilongweni ngenxa yesiyaluyalu nokubulala, ababemcelile; kodwa wamnikela uJesu entandweni yabo.
Base bephinda bememeza bonke, bathi: “Makungabi lumuntu, kodwa uBarabasi; Manje uBaraba wayengumphangi.
Ngoba kawuyikutshiya umphefumulo wami esihogweni, njalo kawuyikunikela oNgcwele wakho ukuthi abone ukubola.
Wathi: “UNkulunkulu wawobaba ukukhethile ukuba wazi intando yakhe, umbone oLungileyo, uzwe izwi lomlomo wakhe.
Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo;
Ethi: “Asiniyalanga yini ukuthi ningafundisi ngaleli gama na? bhekani, senigcwalise iJerusalema ngesifundiso senu, nihlose ukwehlisela igazi lalumuntu phezu kwethu.
Ngumuphi kubaprofethi oyihlo abangamzingelanga na? bababulala labo ababika ngaphambili ngokufika koLungileyo; eseningabakhapheli nababulali bakhe manje;
Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.
Ngokuba noKristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuze asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni, kodwa ephiliswa ngoMoya;
Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;
Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi; “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu; avale kungavuli muntu;