Wayesethi uSolomoni: “Uma eziveza eyindoda, akuyikuwela nolulodwa unwele lwakhe emhlabeni; kepha uma kufunyanwa ububi kuye, uyakufa.
IzEnzo 27:34 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungenxa yempilo yenu, ngokuba akuyikuwa nalunwele lwekhanda lomunye wenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” IsiZulu 2020 Ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kuzakuba ngukusinda kwenu, akuyukulahleka nwele ekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungenxa yempilo yenu, ngokuba akuyikuwa nalunwele lwekhanda lomunye wenu. |
Wayesethi uSolomoni: “Uma eziveza eyindoda, akuyikuwela nolulodwa unwele lwakhe emhlabeni; kepha uma kufunyanwa ububi kuye, uyakufa.
UJesu wayesebizela kuye abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu behlezi nami, bengenalutho lokudla;
Kodwa nezinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: nina nibaluleke kunondlunkulu abaningi.
Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nizila ukudla, ningadli lutho.
Ungabe usaphuza amanzi, kodwa sebenzisa iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.
Abantu base bethi kuSawule: “Uyakufa uJonathani yini owenze lokhu kusindiswa okukhulu kwa-Israyeli na? makube kude lokho; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nonwele lwekhanda lakhe; ngoba usebenze noNkulunkulu namuhla. Abantu bamsindisa uJonathani, ukuze angafi.