Inkosi yakwa-Israyeli yayisithumela endaweni umuntu kaNkulunkulu ayemmisele yona, yamxwayisa, yamsindisa lapho, kungabi kanye nakabili.
IzEnzo 27:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nokho induna yekhulu yakholwa umshayeli nomnikazi womkhumbi kunalezo ezazishiwo uPawulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu. IsiZulu 2020 Induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawula. Baasraak Zulu New Testament Bible Nokho induna yekhulu yakholwa umshayeli nomnikazi womkhumbi kunalezo ezazishiwo uPawulu. |
Inkosi yakwa-Israyeli yayisithumela endaweni umuntu kaNkulunkulu ayemmisele yona, yamxwayisa, yamsindisa lapho, kungabi kanye nakabili.
Umuntu ohlakaniphileyo ubona okubi, akufihle; kodwa abangenalwazi baya phambili futhi bayajeziswa.
Ngakho yilowo nalowo olizwa ukukhala kwecilongo, angaxwayi; uma kufika inkemba, imsuse, igazi lakhe liyakuba sekhanda lakhe.
Kwathi emva kokuzila isikhathi eside, uPawulu wema phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nangilalela, anasuka eKrethe, nazuza kulokhu kubi nokulahlekelwa.
Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.
Bhekani, nemikhumbi, imikhulu kangaka, iqhutshwa yimimoya enamandla, ijikiswa ngomphini omncane kakhulu, iye nomaphi lapho umbusi ethanda ukuya khona.
Ngokuba ngehora linye ingcebo engaka isichithiwe. Bonke abaqhubi bemikhumbi, nesixuku sonke semikhumbi, namatilosi, nabo bonke abahweba olwandle bema kude;