INkosi ikumise ube ngumpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi, ukuba ube ngababonisi endlini kaJehova, ngokuba noma ngubani ohlanyayo azenze umprofethi uyakumfaka etilongweni nasezitokisini.
IzEnzo 26:25 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa wathi: Kangihlanyi, Festu odumileyo; kodwa ngikhulume amazwi eqiniso nawokuhluzeka kwengqondo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uPawulu wathi: “Angihlanyi, Festu odumileyo, kodwa ngikhuluma amazwi ayiqiniso nawokuqonda. IsiZulu 2020 Kepha uPawula wathi: “Festu odumileyo, angihlanyi, kodwa ngikhuluma iqiniso elimsulwa namazwi anomqondo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa wathi: Kangihlanyi, Festu odumileyo; kodwa ngikhulume amazwi eqiniso nawokuhluzeka kwengqondo. |
INkosi ikumise ube ngumpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi, ukuba ube ngababonisi endlini kaJehova, ngokuba noma ngubani ohlanyayo azenze umprofethi uyakumfaka etilongweni nasezitokisini.
Kwabonakala kukuhle kimi nami, sengikwazi kahle zonke izinto kusukela ekuqaleni, ukukubhalela ngokulandelana, Theyofilu odumileyo,
UJesu waphendula wathi: “Anginademoni; kodwa mina ngidumisa uBaba, kodwa lina liyangidumaza.
Siyakwamukela ngezikhathi zonke nasezindaweni zonke ngokubonga okukhulu, Feliksi odumileyo.
ebambelele ezwini elithembekileyo njengalokho efundisiwe, ukuze abe-namandla okuyala ngesifundiso esiphilileyo, nokuqinisekisa abaphikayo.
Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba;
ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso.