IzEnzo 26:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kuyangithokozisa, nkosi Agripha, ngoba lamuhla ngizaziphendulela phambi kwakho ngakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Maqondana nakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, IsiZulu 2020 “Maqondana nakho konke engimangalelwe ngakho ngabaJuda, nkosi Agripha, ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho, Baasraak Zulu New Testament Bible Kuyangithokozisa, nkosi Agripha, ngoba lamuhla ngizaziphendulela phambi kwakho ngakho konke engimangalelwa ngakho ngabaJuda; |
Kepha nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.
Nxa beniyisa emasinagogeni, nasezinduneni nakubabusi, ningakhathazeki ngokuthi niyakuphendula ngani, ngokuthini, nangalokho eniyakukukhuluma;
Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
Anginanto eqinisekileyo ngaye engingayilobela inkosi yami. Ngakho-ke ngimethulile phambi kwenu, futhi ikakhulukazi phambi kwakho, nkosi Agripha, ukuze kuthi ngemva kokuhlolwa ngibe nakho engingakuloba.
U-Agripha wayesethi kuPawulu: “Uvunyelwe ukuzikhulumela. UPawuli waseselula isandla, waziphendulela;
Ngokuba inkosi iyazi ngalezizinto, engikhuluma kuyo ngokukhululeka; ngoba le nto ayenziwanga engosini.
ikakhulu ngoba ngikwazi ukuthi unolwazi kuwo wonke amasiko lezingxabano zabaJuda; ngakho ngiyakuncenga ukuthi ungizwe ngesineke.
Ezithemba ukufika kuso izizwe eziyishumi nambili zakithi, zikhonza uNkulunkulu masinyane imini nobusuku; Ngenxa yalelithemba, nkosi Agripha, ngimangalelwa ngabaJuda.