IzEnzo 26:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nasemasinagogeni* onke kaningi ngabajezisa ngibacindezela ukuba bahlambalaze; ngahlanya kakhulu ngabo, ngibazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. IsiZulu 2020 Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.” Baasraak Zulu New Testament Bible Nasemasinagogeni onke ngabajezisa kaningi, ngibacindezela ukuba bahlambalaze; futhi njengoba ngibathukuthelele kakhulu, ngabazingela kwaze kwaba semizini yabezizwe. |
Kubi kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi kube nesigameko sinye kubo bonke; yebo, nenhliziyo yabantwana babantu igcwele ububi, nokuhlanya kusenhliziyweni yabo besaphila, ngasemuva bahlubuka yana kwabafileyo.
Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo;
Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.
Ngiqinisile ngithi kini: Abantwana babantu bazathethelelwa zonke izono lenhlamba loba yini abahlambaza ngayo;
Kwathi lapho isanguluka yathi: ‘Bangaki abaqashwa bakababa abanesinkwa esanele, kanti mina ngifa indlala.
Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.
Kodwa abaJuda bebona izixuku bagcwala umona, baphikisana lezinto ezazikhulunywa nguPawuli, bephikisa lokuthuka.
Kwathi bemphikisa, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; Mina ngihlanzekile: kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.
Ngase ngithi: Nkosi, bayazi bona ukuthi bengibabopha ngibashaya emasinagogeni wonke abakholwa nguwe;
Njengalokhu nompristi omkhulu uyangifakazela, nebandla lonke lamalunga, engamukela kubo izincwadi eziya kubazalwane, ngaya eDamaseku ukuba ngibalethe eJerusalema beboshiwe, ukuze bajeziswe.
Kepha uSawulu esafutha izinsongo nokubulala abafundi beNkosi waya kumpristi omkhulu;
Kodwa wasolwa ngobubi bakhe: ubabhemi oyisimungulu wakhuluma ngelizwi lomuntu wenqabela ukuhlanya komprofethi.