Izikhulu nabo bonke abantu base bethi kubapristi nakubaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.
IzEnzo 23:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 engabona ukuthi imangalelwe ngemibuzo yomthetho wawo, kodwa ingamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuboshwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngayifumana imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kepha engamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuba ukuboshwa. IsiZulu 2020 Ngafumana ukuthi imangalelwe ngezindaba zomthetho wakubo, kodwa kungekho lutho olufanele ukubulawa noma ukuboshwa. Baasraak Zulu New Testament Bible engabona ukuthi imangalelwe ngemibuzo yomthetho wawo, kodwa ingamangalelwa ngalutho olufanele ukufa nokuboshwa. |
Izikhulu nabo bonke abantu base bethi kubapristi nakubaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.
Kepha uma kuyimpikiswano ngenkulumo, namagama, nangomthetho wenu, zibhekeni nina; ngoba mina kangiyikuba ngumahluleli wezindaba ezinjalo.
Ngokuba uma ngingonile, noma ngenze utho olufanele ukufa, angifuni ukufa; ngidlulisela icala kuKesari.
Kodwa mina ngithole ukuthi akenzanga lutho olufanele ukufa, lokuthi yena ngokwakhe walidlulisela kuAwugusi, ngaquma ukumthuma.
Sebesukile bakhuluma bodwa, bathi: “Lo akenzi lutho olufanele ukufa nokuboshwa.
Kwathi sebengihlolile, bathanda ukungikhulula, ngoba kwakungekho cala kimi lokufa.