IzEnzo 23:19 - Contemporary Zulu Bible 2024 Induna yenkulungwane yasibamba isandla salo, yahamba laye ngasese, yasibuza yathi: Kuyini ozangitshela khona? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Induna yenkulungwane yayisiyibamba ngesandla, yagudluka nayo, yayibuza bebodwa, yathi: “Kuyini ozakungibikela khona na?” IsiZulu 2020 Induna yenkulungwane yayibamba ngesandla, yathi ukugudluka nayo, yayisiyibuza sebebodwa, yathi: “Kuyini ofuna ukungibikela khona na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Induna yenkulungwane yasibamba isandla salo, yahamba laye ngasese, yasibuza yathi: Kuyini ozangitshela khona? |
Inkosi yasisithi kuye: Ufunani, ndlovukazi Esta? futhi siyini isicelo sakho? uyakunikwa kuze kube yingxenye yombuso.
Inkosi yasisithi kuEsta ngosuku lwesibili edilini lewayini: Uyini umthandazo wakho, ndlovukazi Esta? Futhi siyini isicelo sakho? uyakufezwa kuze kube yingxenye yombuso.
Inkosi yathi ku-Esteri indlovukazi: “AmaJuda abulala, achitha abantu abangamakhulu ayisihlanu esigodlweni sikaSusani kanye namadodana ayishumi kaHamani; benzani kwezinye izifunda zenkosi? manje siyini isicelo sakho? uyakunikwa; noma yisiphi isicelo sakho futhi? futhi kuyokwenzeka.
Kungenjengesivumelwano engasenza laboyise mhla ngibabamba ngesandla ngibakhupha elizweni leGibhithe; ukuthi basephulile isivumelwano sami, nakuba ngangingumuntu kubo,” usho uJehova.
UJesu waphendula, wathi kuye: “Uthanda ukuba ngenzeni kuwe na? Impumputhe yathi kuye: Nkosi, ukuba ngibone.
Wayibamba ngesandla impumputhe, wayiyisa ngaphandle komuzi; wafela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla zakhe phezu kwayo, wayibuza ukuthi ibona utho yini.
Khona iviyo nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha.
Base bembamba, bamusa e-Areyophagu, bathi: “Singakwazi yini ukwazi le mfundiso entsha oyikhulumayo na?
Yayibamba-ke, yayisa enduneni enkulu, yathi: “UPawuli isiboshwa ungibizile, wangincenga ukuba ngilethe leli nsizwa kuwe, linento ezokhuluma kuwe.
Yathi: “AbaJuda bavumelene ukukucela ukuba wehlisele uPawuli emphakathini kusasa, kungathi bafuna ukuhlolisisa kahle okunye ngaye.