IzEnzo 22:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba uyakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo. IsiZulu 2020 Ngokuba uzakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke ngalokho okubonileyo nokuzwileyo. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngokuba uyakuba ngufakazi wakhe kubantu bonke walokho okubonileyo nokuzwileyo. |
kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe.
Kepha nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya, kuze kube sekugcineni komhlaba.
Wathi: “UNkulunkulu wawobaba ukukhethile ukuba wazi intando yakhe, umbone oLungileyo, uzwe izwi lomlomo wakhe.
kodwa ngabika kuqala kwabaseDamaseku, naseJerusalema, nakuzo zonke izindawo zaseJudiya, nakwabezizwe, ukuba baphenduke, baphendukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.
Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.