Nina enimesabayo uJehova, mdumiseni; nonke nina nzalo kaJakobe, mdumiseni; nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli!
IzEnzo 21:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sebezwile bayidumisa iNkosi, bathi kuye: “Uyabona, mfowethu, ukuthi zingaki izigidi zabakholwayo abaJuda; futhi bonke bashisekela umthetho; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho; IsiZulu 2020 Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zalabo asebekholwa, ezikhona phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho! Baasraak Zulu New Testament Bible Sebezwile bayidumisa iNkosi, bathi kuye: “Uyabona, mfowethu, ukuthi zingaki izigidi zabakholwayo abaJuda; futhi bonke bashisekela umthetho; |
Nina enimesabayo uJehova, mdumiseni; nonke nina nzalo kaJakobe, mdumiseni; nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli!
Yonke imikhawulo yomhlaba iyokukhumbula futhi iphendukele kuJehova, futhi yonke imindeni yezizwe iyakukhuleka phambi kwakho.
Kodwa izixuku sezikubona zamangala, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla angaka.
Kusenjalo sekubuthene ixuku labantu, baze banyathelana, waqala ukuthi kubafundi bakhe kuqala: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.
Bekufanele ukuthi sijabule sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, wabuye waphila; yayilahlekile, yafunyanwa.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma uhlamvu lukakolweni luwela emhlabathini futhi lufe, luhlala lodwa; kepha uma lufa, luthela isithelo esiningi.
Sebezwile lezizinto bathula, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Ngakho uNkulunkulu unikile labezizwe ukuphendukela ekuphileni.
Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane, bathi: “Uma ningasoki ngokwesiko likaMose, anikwazi ukusindiswa.
Njengoba sizwile ukuthi abathile abaphuma kithi banikhathaze ngamazwi, bedukisa imiphefumulo yenu, besithi: Kumele lisokwe, ligcine umlayo, esingabanikanga umlayo onjalo.
Kodwa kwasukuma abanye behlelo labaFarisi abakholwayo, besithi: Kumele ukubasoka, lokulaywa ukugcina umlayo kaMozisi.
Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.
Mina-ke ngingumuntu ongumJuda, owazalelwa eTarsu, umuzi waseKhilikhiya, nokho ngakhulela kulo muzi ngasezinyaweni zikaGamaliyeli, ngifundisiwe ngomthetho wawoyise opheleleyo, ngishisekela uNkulunkulu, njengoba ninjalo nonke namuhla.
Kuthe sebebasongela futhi, babakhulula, bengafumani lutho lokuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke babedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo.
Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda wawungathi izinkulungwane ezinhlanu.
Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.
Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.
futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba.
Lapho isiza ukukhazinyuliswa kwabangcwele bayo, nokutuswa yibo bonke abakholwayo (ngokuba kwakholwa ubufakazi bethu phakathi kwenu) ngalolo suku.