Nomkhosi wokuvuna, ulibo lwezisebenzi zenu enizihlwanyele ezweni, nomkhosi wokubutha osekupheleni konyaka, lapho nibutha umshikashika wenu ezweni.
IzEnzo 2:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakuhlala eJerusalema abaJuda, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; IsiZulu 2020 Kepha kwakukhona abaJuda ababakhe eJerusalema, amadoda akholwayo, ayevela ezizweni zonke phansi komthunzi welanga. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwakuhlala eJerusalema abaJuda, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu. |
Nomkhosi wokuvuna, ulibo lwezisebenzi zenu enizihlwanyele ezweni, nomkhosi wokubutha osekupheleni konyaka, lapho nibutha umshikashika wenu ezweni.
Ngokuba ngiyazazi izenzo zabo nemicabango yabo; kuyofika lapho ngiyobutha zonke izizwe nezilimi; futhi bazakuza babone inkazimulo yami.
Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.
Ngokuba njengonyazi, onyazima kwenye indawo phansi kwezulu, ukhanyisa kwenye indawo phansi kwezulu; iyakuba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
Bheka, kwakukhona eJerusalema indoda, igama layo linguSimeyoni; futhi lo muntu wayelungile futhi esaba uNkulunkulu, elindele induduzo ka-Israyeli, futhi uMoya oNgcwele wayephezu kwakhe.
Omunye wabo, ogama lakhe linguKleyophase, waphendula wathi kuye: “Ingabe nguwe wedwa umfokazi eJerusalema, ongakwaziyo okwenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?
umuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.
Kwathi isimukile ingelosi eyayikhuluma noKorneliyu, wabiza ababili bendlu yakhe nebutho elikholwayo kulabo ababemlindile njalo;
Kodwa abaJuda bavusa abesifazane abakhonzayo nabahloniphekayo nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.
Njalo uAnaniya othile, indoda ekholwayo ngokomlayo, efakazelwa kuhle ngabaJuda bonke abakhileyo lapho.
Wasesukuma wahamba; khangela-ke, indoda yeEtiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe indlovukazi yamaEtiyopiya, eyayiphethe yonke inotho yayo, eyayize eJerusalema ukukhuleka;
Namuhla ngizoqala ukubeka ukwesatshwa kwakho nokwesaba kwakho phezu kwezizwe ezingaphansi kwalo lonke izulu eziyozwa ngawe futhi zithuthumele futhi zikwesabe.
Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;