Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto.
IzEnzo 2:44 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; IsiZulu 2020 Bonke abakholwayo babendawonye, behlanganyela ezintweni zonke. Baasraak Zulu New Testament Bible Bonke abakholwayo babendawonye, bahlanganyela zonke izinto; |
Kepha isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; kodwa bahlanganyela zonke izinto.
Enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.
Wagodla inxenye yentengo, nomkakhe ekwazi naye, waletha enye, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.
Isekhona ibingesiyo eyakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Ufakeni le nto enhliziyweni yakho na? awuqambanga amanga kubantu, kepha kuNkulunkulu.
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.