azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu;
IzEnzo 19:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ekhuluma eqinisekisa ngombuso kaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesengena esinagogeni,* wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu, eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu. IsiZulu 2020 Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ephikisana nabo futhi ebanxenxa ngombuso kaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ekhuluma eqinisekisa ngombuso kaNkulunkulu. |
azibonakalisa kubo ephila emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi obungenaphutha, ebonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane, ekhuluma izinto eziphathelene nombuso kaNkulunkulu;
Kepha bona sebemukile ePherge bafika e-Antiyokiya yasePhisidiya, bangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, bahlala phansi.
Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma isibindi, bathi: “Bekufanele ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala;
Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.
Ngakho waxoxa esinagogeni nabaJuda nabamesabayo, nasesigcawini imihla ngemihla nababehlangana naye.
Wafika e-Efesu, wabashiya khona; kepha yena wangena esinagogeni, wakhulumisana nabaJuda.
Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu.
Lokho kwenzeka iminyaka emibili; kangangokuthi bonke abakhileyo e-Asiya balizwa izwi leNkosi, amaJuda namaGreki.
Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu.
Ngakho-ke lindani, nikhumbule, ukuthi iminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuxwayisa yilowo nalowo ngezinyembezi.
Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Bathandekayo, ngisenza inkuthalo yonke ukulibhalela ngensindiso esihlanganyelo ngayo, kwadingeka ukuba nginilobele, nginikhuthaze ukuba nilulwele kanzima ukholo olwanikelwa kwabangcwele kanye.