Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.
IzEnzo 18:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli; IBHAYIBHELI ELINGCWELE INkosi yayisithi kuPawulu ngombono ebusuku: “Ungesabi, kepha khuluma, ungathuli, IsiZulu 2020 INkosi yathi kuPawula ngombono ebusuku: “Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli, Baasraak Zulu New Testament Bible INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli; |
Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.
Wena-ke bopha izinkalo zakho, usukume, ukhulume kubo konke engikuyala ngakho; ungethuki ebusweni babo, funa ngikwenze ube namahloni phambi kwabo.
Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.
Kwabonakala umbono kuPawulu ebusuku; kwakumi indoda yaseMakedoniya, imncenga, ithi: Welela eMakedoniya, usisize.
Ngokuba mina nginawe, akakho oyakukusukela ukuba akulimaze, ngokuba nginabantu abaningi kulo muzi.
Ngambona ethi kimi: ‘Sheshisa uphume masinyane eJerusalema, ngokuba kabayikwamukela ubufakazi bakho ngami.
EDamaseku kwakukhona umfundi othile ogama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye embonweni: “Ananiya!” Wathi: Bheka, ngilapha, Nkosi.
Angisiye umphostoli na? angikhululekile na? Angimbonanga uJesu Kristu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na?
Kodwa lanxa sasihluphekile ngaphambili saphathwa kubi, njengoba lisazi eFiliphi, saba lesibindi kuNkulunkulu wethu sokukhuluma kini ivangeli likaNkulunkulu ngokuphikisana okukhulu.