Umuntu ohlakaniphileyo uyakuzwa, afunde okwengeziwe; nomuntu ohlakaniphileyo uyakufika esilulekweni esihlakaniphileyo.
IzEnzo 18:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni.* Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu. IsiZulu 2020 Waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni, kwathi ukuba bamuzwe oPhrisila no-Akhwila, bamthatha bamcacisela kahle indlela kaNkulunkulu. Baasraak Zulu New Testament Bible Waqala ukukhuluma ngesibindi esinagogeni, okwathi ukuzwa u-Akwila noPrisila bamyisa kubo, bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngokucace kakhulu. |
Umuntu ohlakaniphileyo uyakuzwa, afunde okwengeziwe; nomuntu ohlakaniphileyo uyakufika esilulekweni esihlakaniphileyo.
Njengecici legolide nomhlobiso wegolide elicwengekileyo, kunjalo ukusola okuhlakaniphileyo endlebeni elalelayo.
Mfundise ohlakaniphileyo, uyakuhlakanipha nakakhulu; fundisa olungileyo, khona-ke uyoba nemfundo eyengeziwe.
Memeza kakhulu, ungahawukeli, phakamisa izwi lakho njengecilongo, umemezele abantu bami isiphambeko sabo, nendlu kaJakobe izono zayo.
Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.
Ngokuba ngithi kini: Yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; lalowo ongelakho, lalokho alakho uzakwemukwa.
Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.
Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.
UPawuli esehlale khona isikhathi eside, wasevalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya, kanye loPrisila loAkwila; esegundile ikhanda eKenikreya, ngokuba wayenesithembiso.
Lo muntu wayefundiswe indlela yeNkosi; evutha emoyeni wakhuluma, wafundisa kahle izinto zeNkosi, azi umbhapathizo kaJohane kuphela.
Wayesengena esinagogeni, wakhuluma ngesibindi izinyanga ezintathu, ekhuluma eqinisekisa ngombuso kaNkulunkulu.
Sebemmisele usuku, kweza kuye abaningi endlini yakhe yezihambi; wabachasisela, wafakaza ngombuso kaNkulunkulu, ebancenga ngoJesu, ethatha emthethweni kaMozisi lakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.
Wathi: Ngingakwazi kanjani, ngaphandle kokuba umuntu angiqondise na? Yasicela uFiliphu ukuthi akhwele ahlale layo.
Iso alinakusho esandleni ukuthi: ‘Angikudingi,’ nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: ‘Anginidingi.’
Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
Ngakho-ke masiyeke iziqondiso zesifundiso sikaKristu, siqhubekele ekupheleleni; singabeki futhi isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, lokukholwa kuNkulunkulu;
Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.