Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, olinda emasangweni ami imihla yonke, alinde ezinsikeni zeminyango yami.
IzEnzo 17:17 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakho waxoxa esinagogeni nabaJuda nabamesabayo, nasesigcawini imihla ngemihla nababehlangana naye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni* kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona. IsiZulu 2020 Ngakho-ke wayexoxa esinagogeni nabaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini, nsuku zonke kulaba ababelapho. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngakho waxoxa esinagogeni nabaJuda nabamesabayo, nasesigcawini imihla ngemihla nababehlangana naye. |
Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, olinda emasangweni ami imihla yonke, alinde ezinsikeni zeminyango yami.
Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;
Wathi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.
Ngakho-ke konke enikukhulume ebumnyameni kuyakuzwakala ekukhanyeni; nalokho enikukhulume endlebeni emakamelweni kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
umuntu okholwayo nowesaba uNkulunkulu kanye nendlu yakhe yonke, abela abantu abampofu izipho eziningi, ekhuleka kuNkulunkulu njalonjalo.
Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani nesaba uNkulunkulu, lalelani.
Kwathi sekuhlakazekile umhlangano, abaningi kubaJuda namaproselite akholwayo balandela oPawulu noBarnaba, okwathi bekhuluma kubo, babancenga ukuba bahlale emuseni kaNkulunkulu.
Kodwa abaJuda bavusa abesifazane abakhonzayo nabahloniphekayo nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.
Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
Ngokuba abantu bayakuba ngabazithandayo, abahahayo, nabazidlayo, nabazidlayo, nabathukayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabangangcwele;