Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).
IzEnzo 16:40 - Contemporary Zulu Bible 2024 Base bephuma etilongweni, bangena endlini kaLidiya; sebebonile abazalwane, babaduduza, bamuka. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bephuma etilongweni, bangena kwaLidiya; kwathi sebebabonile abazalwane babaduduza, bamuka. IsiZulu 2020 Sebephumile ejele, bangena kwaLidiya, kwathi sebebabonile abazalwane, babakhuthaza, base behamba. Baasraak Zulu New Testament Bible Base bephuma etilongweni, bangena endlini kaLidiya; sebebonile abazalwane, babaduduza, bamuka. |
Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.
Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, womuzi waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, wasizwa, onhliziyo yakhe iNkosi yayivula ukuba alalele okwakhulunywa nguPawulu.
Sebekhululiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga ababekushilo kubo.