Wathi: “Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lo muntu etilongweni, nimundle ngesinkwa sokuhlupheka namanzi osizi, ngize ngibuye ngokuthula.
IzEnzo 16:24 - Contemporary Zulu Bible 2024 yena esemukele umyalo onjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. IsiZulu 2020 Kwathi eseyalwe kanjalo, qede wabafaka ejele elingaphakathi, wabophela izinyawo zabo ogongolweni. Baasraak Zulu New Testament Bible yena esemukele umyalo onjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni. |
Wathi: “Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lo muntu etilongweni, nimundle ngesinkwa sokuhlupheka namanzi osizi, ngize ngibuye ngokuthula.
U-Asa wayesemthukuthelela umboni, wamfaka etilongweni; ngoba wayemthukuthelele ngale ndaba. U-Asa wacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.
Futhi wafaka izinyawo zami ogodweni futhi manje ubheka zonke izindlela zami; wafaka umbhalo ezithendeni zezinyawo zami.
INkosi ikumise ube ngumpristi esikhundleni sikaJehoyada umpristi, ukuba ube ngababonisi endlini kaJehova, ngokuba noma ngubani ohlanyayo azenze umprofethi uyakumfaka etilongweni nasezitokisini.
Uzakuthi kibo: Ngilethe isicelo sami phambi kwenkosi ukuthi ingangivumeli ngibuyele endlini kaJonathani ukuze ngifele khona.
Base bemthatha uJeremiya, bamphonsa emthonjeni kaMalikhiya indodana yenkosi, owawusegcekeni letilongo; bamehlisa uJeremiya ngezindophi. Emthonjeni kwakungekho manzi, kodwa udaka; ngakho uJeremiya wacwila odakeni.