IzEnzo 15:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha siyakholwa ukuthi siyakusindiswa ngomusa weNkosi uJesu Kristu, njengalokho nabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.” IsiZulu 2020 Kepha siyakholwa wukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngokufanayo nabo.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha siyakholwa ukuthi siyakusindiswa ngomusa weNkosi uJesu Kristu, njengalokho nabo. |
Kodwana isipho asinjengesiphambeko. Ngokuba uma ngesiphambeko somunye abaningi bafa, kakhulukazi umusa kaNkulunkulu nesipho ngomusa okungamuntu oyedwa uJesu Kristu, kwavama kwabaningi.
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen. (Incwadi yesibili eya kwabaseKorinte yabhalwa uThithu noLucas eFilipi, umuzi waseMakedoniya.)
Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, ukuthi nakuba ecebile waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nina nicebe.
Ngiyamangala ngokuthi nihlubuke masinya kangaka kulowo owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli;
sisazi ukuthi umuntu kalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kodwangokholo lukaJesu Kristu, lathi sakholwa kuKristu Jesu, ukuze silungisiswe ngokukholwa kuKristu, njalo kungeyisikho ngemisebenzi yomlayo; ngoba ngemisebenzi yomthetho kakulanyama ezalungisiswa.
Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;