Ngoba indodana idelela uyise, indodakazi ivukela unina, umalokazana kuninazala; izitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
IzEnzo 14:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli. IsiZulu 2020 Kepha uquqaba lomuzi lwalwehlukene phakathi, abanye babemi nabaJuda, abanye nabaphostoli. Baasraak Zulu New Testament Bible Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli. |
Ngoba indodana idelela uyise, indodakazi ivukela unina, umalokazana kuninazala; izitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi kwa-Israyeli; futhi kube yisibonakaliso esiyophikiswa;
Kwathi bekhonza iNkosi, bezila ukudla, uMoya oNgcwele wathi: Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu emsebenzini engibabizele wona.
Kodwa abaJuda bebona izixuku bagcwala umona, baphikisana lezinto ezazikhulunywa nguPawuli, bephikisa lokuthuka.
Kodwa abaJuda bavusa abesifazane abakhonzayo nabahloniphekayo nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo.
Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza;
Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.
Kodwa abaJuda abangakholwayo babhebhethekisa abezizwe, benza izinhliziyo zabo zibe zimbi ngabazalwane.
Kwathi sekuvele ukuhlasela kwabezizwe, namaJuda kanye nababusi babo, ukubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe;
Kodwa kwathi abanye bezenza lukhuni bengakholwa, bekhuluma kubi ngaleyoNdlela phambi kwexuku, wasuka kubo, wehlukanisa abafundi, ekhuluma insuku ngensuku esikolo sikaTiranu.
Asinagunya lokuhamba nodadewenu, umkakho, nabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase?
Ngokuba nina, bazalwane, naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu;