Kodwa akubangakho onjengo-Ahabi ozithengisele ukwenza okubi emehlweni kaJehova owavusa u-Izebeli umkakhe.
IzEnzo 13:50 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa abaJuda bavusa abesifazane abakhonzayo nabahloniphekayo nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo. IsiZulu 2020 Kepha abaJuda bavukuza abesifazane bezizwe ababalulekile, ababekhonza nabo nezikhulu zomuzi, babavusela ukuba oPawula noBharnabha bahlushwe futhi babaxosha emikhawulweni yezwe labo. Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa abaJuda bavusa abesifazane abakhonzayo nabahloniphekayo nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo. |
Kodwa akubangakho onjengo-Ahabi ozithengisele ukwenza okubi emehlweni kaJehova owavusa u-Izebeli umkakhe.
Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe! Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bathi: “Makadunyiswe uJehova, kepha uyakubonakala ngokujabula kwenu, bajabhe.
U-Amasiya wathi ku-Amose: “Mboni, suka, ubalekele nawe ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona.”
Kepha nxa benizingela kulo muzi, balekelani komunye, ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.
Kweza uJosefa wase-Arimathiya, ilunga elidumileyo, naye owayelindele umbuso kaNkulunkulu, wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu.
Kwathi sekuhlakazekile umhlangano, abaningi kubaJuda namaproselite akholwayo balandela oPawulu noBarnaba, okwathi bekhuluma kubo, babancenga ukuba bahlale emuseni kaNkulunkulu.
Kodwa abaJuda bebona izixuku bagcwala umona, baphikisana lezinto ezazikhulunywa nguPawuli, bephikisa lokuthuka.
Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.
Kodwa abaJuda abangakholwayo babhebhethekisa abezizwe, benza izinhliziyo zabo zibe zimbi ngabazalwane.
Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli.
Kwathi sekuvele ukuhlasela kwabezizwe, namaJuda kanye nababusi babo, ukubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe;
Owesifazane othile ogama lakhe linguLidiya, engumthengisi wezibubende, womuzi waseThiyathira, okhonza uNkulunkulu, wasizwa, onhliziyo yakhe iNkosi yayivula ukuba alalele okwakhulunywa nguPawulu.
Ngakho-ke abaningi kubo bakholwa; nabesifazane abahloniphekayo abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.
Kodwa kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi ilizwi likaNkulunkulu litshunyayelwe nguPawuli eBereya, beza lakhona, bavusa ixuku.
Ngakho waxoxa esinagogeni nabaJuda nabamesabayo, nasesigcawini imihla ngemihla nababehlangana naye.
Abanye kubo bakholwa, bazihlanganisa noPawulu noSila; nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.
Wasesuka lapho, wangena endlini yomuntu othiwa nguJustusi, okhonza uNkulunkulu, ondlu yakhe yayiseduze lesinagoge.
Kwakuhlala eJerusalema abaJuda, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu.
Kwathi sezizaphela lezonsuku eziyisikhombisa, abaJuda beAsiya, bembona ethempelini, badunga ixuku lonke, bambamba;
Kwathi emva kwezinsuku ezintathu uPawuli wabizela ndawonye izikhulu zabaJuda; nokho nganikelwa eJerusalema ngiyisiboshwa ezandleni zamaRoma.
Basebevusa abantu labadala lababhali, basebesondela kuye, bambamba, bamusa emphakathini;
Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.
Ngokuba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa kungengokokwazi.
ekuhambeni njalo, ezingozini zamanzi, ezingozini zabaphangi, ezingozini ngabakithi, ezingozini ngabezizwe, engozini emzini, engozini enkangala, engozini olwandle, engozini phakathi kwabazalwane bamanga.
Ngokuba nina, bazalwane, naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu;
Ukushushiswa, nezinhlupheko, eza kimi e-Antiyokiya, e-Ikoniyu, eListra; ukuzingelwa okungaka ngakubekezelela, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.