Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.
IzEnzo 13:36 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba uDavida esekhonze esizukulwaneni sakhe ngentando kaNkulunkulu, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola; IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola. IsiZulu 2020 “Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa kokhokho bakhe, wabona ukubola. Baasraak Zulu New Testament Bible Ngoba uDavida esekhonze esizukulwaneni sakhe ngentando kaNkulunkulu, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola; |
Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.
Kuyakuthi lapho izinsuku zakho sezigcwalisekile, usulala koyihlo, ngiyakuvusa inzalo yakho emva kwakho, eyakuphuma ezibilinini zakho, ngiqinise umbuso wayo.
Futhi nasendulo, lapho uSawule eseyinkosi, nguwe owawukhipha u-Israyeli futhi ungenisa;
Kuyakuthi lapho izinsuku zakho seziphelile ukuba uye koyihlo, ngiyakuzala inzalo yakho emva kwakho eyakuvela emadodaneni akho; ngizawuqinisa umbuso wakhe.
UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, wenza ubulungisa nokulunga phakathi kwabo bonke abantu bakhe.
Wafa esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide; u-Abiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide. UJehoramu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
U-Uziya wayeselala koyise, bammbela koyise emhlabathini wokumbela wamakhosi; ngokuba bathi: “Unochoko; uJothamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.”
USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
Ngathi enkohlakalweni: Wena ungubaba; empethuni: Wena ungumama wami nodadewethu.
Njengezimvu babekwa ethuneni; ukufa kuzobapha; abaqotho bayakubusa phezu kwabo ekuseni; nobuhle babo buyoqedwa eHayidese bungabikho endaweni yabo yokuhlala.
Khona obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba wasebenza ngawo, wazuza amanye amatalenta ayisihlanu.
UJesu wathi: Susani itshe. UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: “Nkosi, usenuka, ngokuba usenezinsuku ezine efile.
Esemkhiphile wabavusela uDavida abe yinkosi yabo; wafakaza ngaye, wathi: “Ngimfumene uDavide indodana kaJese, indoda yenhliziyo yami, eyakufeza yonke intando yami.
Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa wangcwatshwa, nethuna lakhe lisekhona kithi kuze kube namuhla.
Waseguqa phansi, wamemeza ngelizwi elikhulu wathi: Nkosi, ungababaleli lesisono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.
Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.
Emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye kubazalwane abangaphezu kwamakhulu amahlanu; iningi labo lisekhona namanje, kepha abanye balele.
Kepha angithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenathemba.