USamuweli wayesethatha isitsha samafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Kungokuba uJehova ekugcobile ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?
IzEnzo 13:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Emva kwalokho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKishi, indoda yesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane. IsiZulu 2020 Kusukela lapho, bacela inkosi. UNkulunkulu wabanika uSawule, indodana kaKhishi, umuntu wesizwe sakwaBhenjamini, iminyaka engama-40. Baasraak Zulu New Testament Bible Emva kwalokho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKishi, indoda yesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane. |
USamuweli wayesethatha isitsha samafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Kungokuba uJehova ekugcobile ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?
Bonke abantu baya eGiligali; bambeka khona uSawule inkosi eGiligali phambi kukaJehova; banikela khona imihlatshelo yokubonga phambi kukaJehova; uSawule nawo wonke amadoda akwa-Israyeli bajabula kakhulu lapho.
USamuweli wathi kuSawule: “UJehova ungithumile ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; manje lalela izwi lamazwi kaJehova.
Wathi kuye: “Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; manje simisele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.
Kwakukhona umuntu wakoBhenjamini ogama lakhe linguKishi, indodana ka-Abiyeli, indodana kaSerori, indodana kaBegorati, indodana ka-Afiya, umBenjamini, iqhawe.
UJehova wamtshela uSamuweli endlebeni yakhe ngosuku olwandulela ukufika kukaSawule, wathi: