Wamtshela wathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi wezwe lonke laseGibithe.” Inhliziyo kaJakobe yaphela, ngokuba engabakholwanga.
IzEnzo 12:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wasephuma, wamlandela; futhi wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi; kodwa wacabanga ukuthi ubona umbono. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi, kodwa wayethi ubona umbono. IsiZulu 2020 Waphuma, wayilandela; wayengazi ukuthi lokhu okwenzekayo ngengelosi kuyiqiniso, kodwa wayecabanga ukuthi ubona umbono nje. Baasraak Zulu New Testament Bible Wasephuma, wamlandela; futhi wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi; kodwa wacabanga ukuthi ubona umbono. |
Wamtshela wathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi wezwe lonke laseGibithe.” Inhliziyo kaJakobe yaphela, ngokuba engabakholwanga.
Kwathi uPetru esangabaza phakathi kwakhe ukuthi uyini lowo mbono awubonileyo, bheka, amadoda abethunyiwe evela kuKorneliyu ayebuzile indlu kaSimoni, emi ngasesangweni;
Wabona embonweni ngokusobala, kungathi ngehora lesishiyagalolunye lemini ingelosi kaNkulunkulu iza kuye, ithi kuye: “Korneliyu!”
Mina ngangisemzini waseJopha ngikhuleka, ngase ngibona ethongweni umbono, kwehla isitsha esithile, sinjengendwangu enkulu, sehliswa ngamachopho omane sivela ezulwini; lafika nakimi.
Ingilosi yasisithi kuye: Bhinca, ubophe amanyathela akho. Wenza kanjalo. Wasesithi kuye: Gqoka isembatho sakho, ungilandele.
EDamaseku kwakukhona umfundi othile ogama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye embonweni: “Ananiya!” Wathi: Bheka, ngilapha, Nkosi.
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.