Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
IzEnzo 12:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingilosi yasisithi kuye: Bhinca, ubophe amanyathela akho. Wenza kanjalo. Wasesithi kuye: Gqoka isembatho sakho, ungilandele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake izicathulo zakho.” Wenze njalo. Yathi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.” IsiZulu 2020 Ingelosi yathi kuye: “Gqoka, ufake nezicathulo zakho.” Wenza kanjalo; yayisithi kuye: “Yembatha ingubo yakho, ungilandele.” Baasraak Zulu New Testament Bible Ingilosi yasisithi kuye: Bhinca, ubophe amanyathela akho. Wenza kanjalo. Wasesithi kuye: Gqoka isembatho sakho, ungilandele. |
Mina nginibhapathiza ngamanzi kukho ukuphenduka; kepha ozayo emva kwami unamandla kunami, engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe;
Bheka, ingelosi yeNkosi yeza phezu kwakhe, nokukhanya kwakhanya etilongweni, yamshaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane. Futhi amaketanga akhe awela ezandleni zakhe.
Wasephuma, wamlandela; futhi wayengazi ukuthi kuyiqiniso okwenziwa yingelosi; kodwa wacabanga ukuthi ubona umbono.
Ngoba kulobubusuku bekumi kimi ingilosi kaNkulunkulu engingowakhe, lengimkhonzayo,
Ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehla eGaza, eyihlane.