Banikela engcebweni yomsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha egolide namamane ayizinkulungwane ezinhlanu esiliva nezingubo eziyikhulu zabapristi ngokwamandla abo.
IzEnzo 11:29 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khona abafundi bazimisela, kwaba yilowo nalowo njengamandla akhe, ukuthumela usizo kubazalwane abakhileyo eJudiya. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abafundi base bezimisela ukuba yilowo nalowo kubo athumele njengamandla akhe okokusiza abazalwane abakhe eJudiya. IsiZulu 2020 Abafundi bazimisela ukuba kube yilowo nalowo ngangamandla akhe, bathumele okokusiza abazalwane eJudiya. Baasraak Zulu New Testament Bible Khona abafundi bazimisela, kwaba yilowo nalowo njengamandla akhe, ukuthumela usizo kubazalwane abakhileyo eJudiya. |
Banikela engcebweni yomsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha egolide namamane ayizinkulungwane ezinhlanu esiliva nezingubo eziyikhulu zabapristi ngokwamandla abo.
Ngasengisithi kubo: Sahlenga ngokwamandla ethu abazalwane bethu abaJuda, ababethengiswe kwabezizwe; futhi ningaze nidayise abafowenu na? noma bazothengiselwa thina? Bathula ke bangathola lutho lokuphendula.
Ngalezo zinsuku uPetru wasukuma phakathi kwabafundi, (isibalo samagama ndawonye sasingaba yikhulu namashumi amabili).
Abaphostoli nabazalwane baseJudiya bezwa ukuthi nabezizwe balamukele izwi likaNkulunkulu.
Esemtholile wamyisa e-Antiyokiya. Kwasekusithi umnyaka wonke babuthana ebandleni, bafundisa abantu abanengi. Futhi abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu e-Antiyokiya.
Kepha kwathi abafundi bemhanqile, wavuka, waya emzini; ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.
beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.
Kwathi emva kweminyaka eminingi ngafika ukuletha izipho esizweni sakithi neminikelo.
Kwakungekho phakathi kwabo owayeswela, ngokuba bonke ababenezindawo noma izindlu bathengisa, baletha amanani okuthengisiweyo.
Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke.
Kwathi esekudlile waqiniswa. Khona-ke uSawulu wayenabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile.