UFaro wasesithi ezincekwini zakhe: Singamthola yini onjengalo, umuntu onoMoya kaNkulunkulu?
IzEnzo 11:28 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwasekusukuma omunye wabo obizo lakhe lingu-Agabu, watshengisa ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enkulu emhlabeni wonke; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwasukuma omunye kubo ogama lakhe lingu-Agabu, wakhomba ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enzima ezweni lonke; yaba khona emihleni kaKlawudiyu. IsiZulu 2020 Kwase kusukuma omunye wabo, ogama lakhe kungu-Agabhu, wabikezela ngoMoya ukuthi kuzakubhoka indlala enkulu ezweni lonke, lokho okwenzeka ngesikhathi sikaKlawudiyu. Baasraak Zulu New Testament Bible Kwasekusukuma omunye wabo obizo lakhe lingu-Agabu, watshengisa ngoMoya ukuthi kuzakuba khona indlala enkulu emhlabeni wonke; |
UFaro wasesithi ezincekwini zakhe: Singamthola yini onjengalo, umuntu onoMoya kaNkulunkulu?
Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.
Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala, nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.
Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke.
Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari, uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya, noHerode engumbusi wesifunda saseGalile, noFiliphu umfowabo engumbusi wesifunda sase-Itureya nasesifundeni saseTrakoniti, noLisaniya engumtetrarki wase-Abilene,
Wafumana umJuda othile ogama lakhe lingu-Akwila, owazalelwa ePhontu, esanda kufika evela e-Italiya, noPrisila umkakhe; (ngokuba uKlawudiyu wayeyalile ukuba bonke abaJuda bamuke eRoma) weza kubo.
Sathi sihlezi khona izinsuku eziningi, kwehla eJudiya umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu.