Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe.
IzEnzo 11:20 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kodwa kwakukhona abanye kubo, amadoda aseKhupro naseKhurene, abathi befika e-Antiyokiya, bakhuluma nakumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. IsiZulu 2020 Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. Baasraak Zulu New Testament Bible Abanye kubo kwakungamadoda aseKhupro naseKhurene, abathi sebefikile e-Antiyokiya, bakhuluma kumaGreki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu. |
Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe.
Khona abaJuda bakhuluma bodwa, bathi: “Uzakuya ngaphi lo ukuba singamfumani na? Uyakuya kwabahlakazekileyo kwabezizwe, afundise abezizwe na?
Labo abahlakazekile ngokushushiswa okwavela ngoStefanu badabula baze bafika eFenike, naseKhupro, nase-Antiyokiya, bengalishumayeli izwi kubaJuda kuphela.
Izindaba ezinjalo zezwakala ezindlebeni zebandla laseJerusalema, bathuma uBarnabasi ukuba ahambe aze afike e-Antiyokiya.
Esemtholile wamyisa e-Antiyokiya. Kwasekusithi umnyaka wonke babuthana ebandleni, bafundisa abantu abanengi. Futhi abafundi baqala ukubizwa ngokuthi amaKristu e-Antiyokiya.
Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni abaprofethi nabafundisi; njengoBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki, noSawulu.
Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile.
Kwaba kuhle-ke kubaphostoli namalunga kanye nebandla lonke ukuthumela amadoda athile phakathi kwabo e-Antiyokiya kanye noPawulu noBarnaba; okungukuthi uJuda othiwa uBarsaba, noSila, izinduna phakathi kwabazalwane;
Basebebhala izincwadi ngabo ngalendlela; Abaphostoli namalunga nabazalwane bayakhonza kubazalwane abavela kwabezizwe e-Antiyokiya, naseSiriya, naseKhilikhiya;
Kwasekumelana laye izazi ezithile zefilosofi zamaEpikhuru lamaStoyiki. Abanye bathi: Lizakuthini lelipholi? abanye bathi: “Ungathi ungumshumayeli wabangaziwa,” ngokuba wayeshumayela kubo ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.
iFrigiya, lePhamfiliya, eGibhithe, lezingxenyeni zeLibhiya zeKhurene, labafokazi beRoma, abaJuda lamaproselithe,
LoJosefa owathiwa ngabaphostoli isibongo esithi nguBarnabasi, okuyikuthi ngokuphendulelwa, indodana yenduduzo, umLevi, welizwe leKhupro,
Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu kabazange bayeke ukufundisa lokushumayela ngoJesu Kristu.
Ngalezo zinsuku, abafundi banda, kwavela ukukhonona kwabekhuluma isiGreki ngamaHeberu, ngokuba abafelokazi bawo babenganakwa enkonzweni yezinsuku zonke.
Lelizwi lathokozisa ixuku lonke, basebekhetha uStefane, indoda egcwele ukholo loMoya oNgcwele, loFiliphu, loProkoro, loNikanori, loTimoni, loParmena, loNikolasi umproselithe waseAntiyoki;
Kwasekusukuma abathile besinagoge elithiwa elabaKhululwa, nabaseKhurene, nabase-Aleksandriya, nabavela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefanu;
UFiliphu wayesevula umlomo wakhe, waqala ngawo lowo mbhalo, washumayela ivangeli ngoJesu.
Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.
Wasekhuluma ngesibindi ngebizo leNkosi uJesu, ephikisana lamaGriki, kodwa azama ukumbulala.
Ngokuba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, naye obethelwe esiphambanweni.
Kepha uPetru esefikile e-Antiyokiya ngamelana naye ebusweni, ngokuba wayenecala.
Mina engingomncinyane kunomncinyane kubo bonke abangcwele, ngiphiwe lomusa, ukuthi ngitshumayele phakathi kwabezizwe ingcebo kaKristu engaphenyisisekiyo;