UPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.
IzEnzo 10:47 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamamukele uMoya oNgcwele njengathi na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamukela uMoya oNgcwele njengathi na?” IsiZulu 2020 “Ukhona yini ongenqaba namanzi ukuba babhabhadiswe laba abamukele uMoya oNgcwele njengathi na?” Baasraak Zulu New Testament Bible Ukhona yini ongala namanzi ukuba bangabhapathizwa laba abamamukele uMoya oNgcwele njengathi na? |
UPetru esakhuluma lawo mazwi, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo bonke ababelizwa izwi.
Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.
Kepha sebekholwa nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.
Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini; umthenwa wathi: Khangela, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?
Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo.
Wasesemukela isibonakaliso sokusoka, uphawu lokulunga kokukholwa ayelakho engakasoki, ukuze abe nguyise wabo bonke abakholwayo lanxa bengasokile; ukuze ukulunga kubalelwe nakubo;