Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




IzEnzo 10:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

Hhayi kubantu bonke, kodwa kubofakazi abakhethwe ngaphambili nguNkulunkulu, kithina esadla, saphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

kungekubantu bonke kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu ngaphambili, esasidla siphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

hhayi kubantu bonke, kodwa kithina esingofakazi ababekhethwe nguNkulunkulu phambilini, esasidla siphuza naye, emva kokuba esemvusile kwabafileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta

Baasraak Zulu New Testament Bible

Hhayi kubantu bonke, kodwa kubofakazi abakhethwe ngaphambili nguNkulunkulu, kithina esadla, saphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.

Uka jalj uñjjattʼäta



IzEnzo 10:41
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.


Nina-ke ningofakazi balezi zinto.


UMoya weqiniso; izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi, kepha nina niyamazi; ngokuba uhlala nani, futhi ukini.


Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.


UJudasi ongesiye u-Iskariyothe wathi kuye: “Nkosi, kuza kanjani ukuba uzibonakalise kithi, ungazibonakalisi ezweni na?


Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


Nani-ke nizafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.


UJesu wayesesiza, wathatha isinkwa, wabanika, nezinhlanzi ngokunjalo.


kusukela ekubhapathizweni kukaJohane kuze kube lusuku akhushulwa ngalo kithina, kufanele ukuthi kube khona omunye abe ngufakazi kanye nathi wokuvuka kwakhe.


Kwathi esebuthene labo, wabalaya ukuthi bangasuki eJerusalema, kodwa balindele isithembiso sikaBaba, elasizwa ngami.


Nathi singofakazi bezinto zonke azenzayo ezweni labaJuda naseJerusalema; abambulala, bamphanyeka esihlahleni;


Wabonwa izinsuku eziningi yilabo ababekhuphukele naye eJerusalema besuka eGalile, abangabofakazi bakhe kubantu.