NginguJehova, yilo igama lami; angiyikunika omunye udumo lwami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
IzEnzo 10:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa uPetro wamsukumisa, wathi: Sukuma; nami ngingumuntu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha uPetru wamvusa wathi: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.” IsiZulu 2020 Kepha uPhethro wamsukumisa ethi kuye: “Sukuma, nami ngingumuntu nje.” Baasraak Zulu New Testament Bible Kodwa uPetro wamsukumisa, wathi: Sukuma; nami ngingumuntu. |
NginguJehova, yilo igama lami; angiyikunika omunye udumo lwami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.
Isandla sami sasekela umhlaba, esokunene sami seneka amazulu; uma ngibabiza basukuma kanyekanye.
Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
Nabo bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila yeWundlu elihlatshiweyo kusukela ekusekelweni komhlaba.
Ngawa ngasezinyaweni zayo ukuba ngiyikhonze. Yathi kimi: “Bheka, ungakwenzi; mina ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abanobufakazi bukaJesu;