Base behlukaniswa ngenkatho, omunye nomunye; ngoba ababusi bendlu engcwele lababusi bendlu kaNkulunkulu babevela emadodaneni ka-Eleyazare emadodaneni ka-Itamari.
IzEnzo 1:26 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye. IsiZulu 2020 Base bebenzela unkatho, lwadla uMathiyase; wayesebalwa kanye nabaphostoli abali-11. Baasraak Zulu New Testament Bible Basebebenzela inkatho; inkatho yadla uMathiyasi; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye. |
Base behlukaniswa ngenkatho, omunye nomunye; ngoba ababusi bendlu engcwele lababusi bendlu kaNkulunkulu babevela emadodaneni ka-Eleyazare emadodaneni ka-Itamari.
Senza inkatho phakathi kwabapristi namaLevi nabantu ngeminikelo yokhuni ukuba bayingenise endlini kaNkulunkulu wethu njengezindlu zawobaba ngezikhathi ezimisiweyo iminyaka ngeminyaka, ukushisa i-altare kaJehova uNkulunkulu wethu, njengokulotshiweyo emthethweni.
Izikhulu zabantu zazihlala eJerusalema; abanye abantu benza inkatho yokubeka oyedwa kwabayishumi ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nezabelo eziyisishiyagalolunye kweminye imizi.
U-Aroni kumelwe enze inkatho ngalezi zimbuzi ezimbili; enye inkatho ngekaJehova, enye ngeka-Azazeli.
Basebesithi, ngulowo kumngane wakhe: Wozani senze inkatho, ukuze sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Benza inkatho, inkatho yawela uJona.
Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ngakho konke ababekwenzile nababekufundisile.
Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi nguJustusi, noMathiya.
Esechithile izizwe eziyisikhombisa elizweni leKhanani, wababela ilizwe labo ngenkatho.
Kodwa uPetro wema labalitshumi lanye, waphakamisa ilizwi lakhe, wathi kubo: Madoda aJudiya, lani lonke elakhileyo eJerusalema, lokhu kakwaziwe kini, lilalele amazwi ami;
Ifa labo laba ngenkatho, njengalokho uJehova eyalile ngesandla sikaMose ezizweni eziyisishiyagalolunye nasenxenyeni yesizwe.
UJoshuwa wabenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova, uJoshuwa wababela khona izwe abantwana bakwa-Israyeli ngokwezabelo zabo.
Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, nakuzo amagama abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.