Ukufa makubafice, behlele esihogweni bephila, ngokuba ububi busezindlini zabo naphakathi kwabo.
IzEnzo 1:18 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka; IsiZulu 2020 Ngakho-ke lowo wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waphahlazeka, kwachitheka nezibilini zakhe zaphumela ngaphandle. Baasraak Zulu New Testament Bible Lomuntu wathenga insimu ngomvuzo wokungalungi; wawa ngekhanda, wagqabuka phakathi, kwagobhoza amathumbu akhe onke. |
Ukufa makubafice, behlele esihogweni bephila, ngokuba ububi busezindlini zabo naphakathi kwabo.
Kepha wena, Nkulunkulu, uyakubahlisela egodini lokubhujiswa; kepha mina ngiyakwethemba wena.
UJehova wathi kimi: “Yiphonse kumbumbi; Ngase ngithatha izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.
Ngokuba ngiyakukwenza ube nodumo olukhulu, ngikwenze konke ongitshela khona; woza, ungiqalekisele laba bantu.
Abadala bakwaMowabi namalunga akwaMidiyani asuka ephethe umvuzo wokubhula esandleni sawo; zafika kuBileyamu, zakhuluma kuye amazwi kaBalaki.
Enye wayinika amatalenta ayisihlanu, enye amabili, nenye elilodwa; yilowo nalowo ngokwamandla akhe; wahle wasuka wahamba.